Umgadli weStellenbosch u-Ashley Du Preez uthi ukubizelwa kwiBafana Bafana kukhomba ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kwakhe sekuvuna izithelo.
UDu Preez, oshisa izikhotha kwiDSTV Premiership, ubizwe esikwatini seBafana esingakancishishwa esinabadlali abangu-37. IBafana izodlala kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoJuni.
Izoqala ngokuvakashela iMorocco ePrince Moulay Abdellah Stadium ngomhlaka 9 kuJuni, ilandele ngokudlala neZimbabwe eFNB Stadium ezinsukwini ezine.
UDu Preez uthemba ukuthi uzofaka esikwatini sikaHugo Broos esizoqinisekiswa ngesonto elizayo.
“Lamasizini amabili abenzima kakhulu kodwa ngikwazile ukuzimisela kuze kube manje. Ngiphazanyiswe ukulimala ngesizini edlule, ngijabule ngokuzimisela kwami ngoba kungifake esikwatini,” kubeka lomdlali ekhuluma nabezindaba.
UDu Preez umataniswa namaqembu amakhulu aseGauteng njengoba eseshaye amagoli angu-9 emidlalweni engu-28 yeligi kulesizini. Ube ngumvusi wenyamazane amahlandla amathathu.
Ubevutha engabaselwe iStellies sishaya ompetha beligi iMamelodi Sundowns ngo 3-0. Lomgadli ushaye amagoli amabili kulomdlalo.
Uthi ufuna ukuqhubeka nomgqigqo anawo uma sebegoqa iligi ngempelasonto. IStellies sizodlala neCape Town City eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo.
“Sikulindele ngabomvu ukudlala neCape Town City, ikakhulukazi ngoba sizodlalela ekhaya. Kufanele sizimisele, sibuye namaphuzu agcwele. Sifuna ukujabulisa abalandeli ngokunqoba lomdlalo, siqede isizini ngenothi eliphezulu.
Sifuna ukuyishaya kabili iCity kulesizini, sizobona ukuthi siqeda kuyiphi indawo kwiligi,” kusho uDu Preez.