Umdlali we-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch uthi kumsebenzele ukuthola ulwazi ngodonga lweMaritzburg United olungenabo abadlali abasheshayo ukuvala izikhala emuva.

ULorch ubekhuluma ngemuva kokuhlabana ngendondo yomdlali ovelele beshaya iTeam of Choice ngo 4-1 izolo ebusku.

ULorch ushaye igoli elilodwa, wakhandela ozakwabo amagoli amathathu ashaywe uKwame Peprah, Kabelo Dlamini noDeon Hotto.

Lomdlali ubuy ekuphoxekeni njengoba wageja iphenathi ebalulekile beshaywa iRS Berkane ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League.

“Ngizoqala ngokubonga uMdali ngethalente anginike lona. Bekunzima, umzimba ubukhathele kakhulu ngoba sidlale kowamanqamu. Okubalulekile ukuthi siwinile, sakhanda inqwaba yamathuba esiwasebenzisile.

Kufanele siqhubeke nokulwa ukuze sizothola amanye amaphuzu. Sesilungiselela umdlalo oseKZN, kufanele sifike silungile khona.

Bengazi ukuthi sizolishaya igoli, abaqeqeshi bangitshelile ukuthi angibalekele udonga lwabo ngoba luyanensa. Udonga labo lunojamu, bengilindele ukushaya igoli,” kubeka uLorch.