Inkakha yeKaizer Chiefs neBafana Bafana uDoctor Khumalo isigxeke isinqumo sikaMiguel Cardoso sokungamfaki uThemba Zwane emlenzeni wokuqala kumdlalo wamanqamu weCAF Champions League nePyramids FC ophele ngo 1-1.
ISundowns ithwale kanzima izama ukuqaqa udonga lwePyramids esiwombeni sokuqala, kanti ngemuva kokuvalela igoli ihlulekile ukwakha amanye amathuba okokura acacile. Kunalokho, iPyramids ibibukeka ibuya ngamandla sekubhekwe emaphethelweni omdlalo yagcina ithole igoli lokulinganisa umdlalo, elibalulekile ngoba ikore ekuhambeni.
Emlenzeni wesibili isingagqisha emuva nje, uma umdlalo uphela ngo 0-0 ingaba ngompetha ngomthetho wamagoli asekuhambeni (away goal rule).
UKhumalo uthi iPyramids ithole into ebiyifuna.
“Ngicabanga ukuthi iwona mphumela obufunwa yiPyramids lo. Buka indlela abashintshe ngayo izinto sekuzophela umdlalo,” kusho uDoctor Khumalo.
“Esiwombeni sokuqala bebedlala ngesivinini, kubathatha amapass amabili amathathu ukufika phambili. ISundowns ibuye ibambe ibhola kakhulu.
“Esiwombeni sesibili bebengayivumeli iSundowns idlale isuka emuva njengenjwayelo, bavale abadlali abambalwa abebeyingozi. ISundowns ibisidinga umuntu ozokwazi ukulawula umdlalo apholise izinto ngesikhathi isihamba phambili.
“Ukulahla ibhola kuyingozi. Nokulokhu umaka emuva nakho kuyingozi. Bavale emuva bona, iPyramids ifuna igoli…bebedinga uThemba Zwane obezocisha izinto ngetiki-taka.”
ISundowns nePyramids bazotholana phezulu ngesonto elizayo ngeSonto ngo 19:00 emlenzeni wesibili ozodlalelwa eCairo.