Inkakha yeKaizer Chiefs uDoctor ’16V’ Khumalo uthi usale enomuzwa wokuziqhenya ngendlela uMohau Nkota noRelebohile Mofokeng abadlale ngayo kwiCAF Champions League kule sizini.
UMofokeng noNkota, ababuze babizwe nge ‘cocomelon football’ bebeyingxenye yeqembu elishaywe yiPyramids ngo 3-2 izolo. UKhumalo uthi noma uzoba buhlungu lo mphumela kubadlali, uzobaqinisa abafana abancane.
“Noma siphoxekile ngomphumela, nginomuzwa wokuziqhenya ngalaba bafana,” kusho uKhumalo ekhuluma kwiSABC Sport ngemuva komdlalo.
“Bazivezile kulo mqhudelwano. Bebengasabi, kodwa bahluleka ekugcineni. Noma bedliwe namhlanje, lindani iminyaka emihlanu ezayo nizobabona bazobe bekuphi.
“Kufana nokuthi baphoswe ekujuleni kwesiziba kodwa bakwazi ukumelana nakhona. Ngikhuluma ngoNkota, Mofokeng, nabanye…kuzobanikeza amava ukudlala imidlalo efana nalena. Nisazobabona begqama futhi.”