Inkakha yeKaizer Chiefs neBafana Bafana uDotor Khumalo ithi uThabo Cele usazodinga izinyanga ngaphambi kokuthi afinyelele ezingeni lokubizwa eqenjini lesizwe.

UKhumalo usho kanje ekhuluma kwiDNA Podcast njengoba sisekhefini leFIFA. UHugo Broos akabizanga noyedwa umdlalo waMakhosi esikwatini sakamuva seBafana noma abaningi bekholwa wukuthi uCele ungomunye wabambalwa beKaizer okumele ngabe okungenani bangena kwisikwati sesikhashana.

Nomqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi waphendula izinkulumo zikaBroos ngeChiefs ngokuthi ngokwakhe uCele kufanele ngabe usesikwatini.

UKhumalo akaboni kanjalo nokho.

“Okwamanje angimboni umdlali ofanelwe wukubizwa kwiBafana kwiChiefs ngoba kusagijima izintwana oMdu noVilakazi,” kusho uDoctor Khumalo.

“UVilakazi uyadlala ku-U20. Uyaqokwa eqenjini lesizwe kodwa akakafiki eminyakeni yokudlalela iBafana.

“UThabo Cele usazodinga izinyanga ezine noma ezinhlanu.”

Ngamanye amazwi, le nkakha ithi uThabo Cele kufanele kuqale isizini ka-2025/2026 esesezingeni elifanele umdlali weBafana. Uma engakwenza lokho kungamsiza njengoba iBafana izobe idlala kwi-Africa Cup of Nations eMorocco ekupheleni konyaka.