Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ugculisekile ngendlela uPercy Tau adlale ngayo ngesikhathi beshaya iLesotho ngo 2-0 kowokuhlungela iFIFA World Cup kodwa uthi kukhulu asakulindele kuye.
UTau uqale umdlalo weBafana okokuqala kulandela ukuhlukana ne-Al Ahly njengoba esegijima eQatar. UBroos uthi okumenze wamqalisa umdlalo wayizolo wukuthi usebuyele ekudlaleni ibhola njengoba ayegqunywe ebhentshini kumasonto akhe okugcina eGibhithe.
Ngaphandle kokubekwa ebhentshini uTau washaya udaka kwi-Africa Cup of Nations edlule noma iqembu laqeda kunombolo 3, indlela ayedlala ngayo yayingagculisi kanti abanye abalandeli bebenomuzwa ofanayo ngendlela adlale ngayo izolo bethi uyena yedwa obhimbayo kwisikimu esiboshelwe wuBroos.
“Ibingajabulisi indlela uTau abedlala ngayo phambilini [kwiBafana]. Kwakungelona izinga lakhe. Kodwa namhlanje [ngoLwesihlanu] sikubonile ukuthi uwumdlali omuhle kangakanani, ozikhandlayo. Lokhu sikubona ngoba usebuyele ekudlaleni. Uma udlala, uthola umgqigqo.
“Ngicabanga ukuthi uma eqhubeka edlala sizobona uPercy esimaziyo futhi. Kuningi asangakwenzela iBafana ngoba ngikhuluma iqiniso nje kukhulu okufanele sikulindele kuyo, kodwa ngijabule ngendlela adlale ngayo ngoba ulisebenzele kakhulu iqembu.”
Kuzobaluleka ukuthi abuyise ukuzethemba ngokushesha kwiBafana uTau njengoba u-2025 kuwunyaka obalulekile. IBafana izobe iqedele imidlalo yokuhlungela iFIFA World Cup iphinde ilungiselele nokudlala kwi-Africa Cup of Nations eseMorocco ekupheleni konyaka.