Umdlali weTS Galaxy oyibamba esiswini uPuso Dithejane uthi bazobe bebheke ukuqoqa amaphuzu amathathu emdlalweni wabo ne-Orlando Pirates namhlanje eMbombela Stadium.

IThe Rockets akuyihambeli kahle kule sizini njengoba inganqobi nowodwa umdlalo ngemuva kwemidlalo emine. Isaqoqe iphuzu elilodwa kule sizini okuyibeke kunombolo 15.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo, uDithejani uthi bengayishaya iBucs esisicongweni kwiBetway Premiership.

“Amalungiselelo omdlalo ahambe kahle. Sesiwulungele. Lo mdlalo ubalulekile ngoba asiyiqalanga kahle isizini,” kusho uDithejane ecashunwa yiSowetan Sport.

“Sidinga amaphuzu amathathu ukuze sizoba sendaweni engcono kwi-log. Siyazi kumele siqale ukunqoba imidlalo ukuze sibe nesizini engcono uma siqhathanisa nedlule. Sikholwa wukuthi singazijika izinto ngoba asilona iqembu elibi, besingenayo inhlanhla emdlalweni edlule.”

Lo mdlali uqhube wathi ukushaya iBucs kuzobakhuphulela ukuzethemba, okuzobasiza uma befuna ukusuka emsileni.

IGalaxy izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaDženan Zajmović noVictor Letsoalo abanamakhadi.

Eminye imidlalo yanamhlanje:  AmaZulu v Chippa, Moses Mabhida; Sekhukhune v Bay, Peter Mokaba.

Khonamanjalo kunemibiko yokuthi iKaizer Chiefs iyazisola ngokudedela uDithejani futhi abaphathi bayo bafisa ukuhlela ukumbuyisa uma eqhubeka nefomu ayikhombise kusukela ejoyine iGalaxy.