Umqeqeshi weSekhukhune United u-Owen Da Gama ukhale ngephutha abona kuyilo elibe umehluko emdlalweni weDSTV Premiership beshaywa iKaizer Chiefs ngo 1-0 e-Emirates Airline Park.

Igoli leChiefs lishaywe uRamahlwe Mphahlele esiwombeni sokuqala, abaleka kanjalo amaphuzu kwiBabina Noko ebithembise ukuwathatha ngaphambi komdlalo.

“Igoli lokuqala kube yiphutha. Iphutha lasemuva, yilona ibhadi elikhulu lelo. Ngiyaziqhenya ngabadlali ngendlela abazimisele ngayo esiwombeni sesibili, behadabisa iChiefs. Besiwuphethe umdlalo esiwombeni sesibili. Besihluleka ukushaya amaphasi abalulekile esiwombeni sokuqala yize besihlangene kahle. Sibe nebhadi lokungashayi igoli esiwombeni sesibili.

Sikhande amathuba amaningi ngokuhlasela kwethu. Ngijabuliswe ingcindezi ebesibafakela yona. Sihlulwe ukukhipha amaphasi abalulekile. Ngijabule ngendlela ebesiphaselana ngayo,” kubeka uDa Gama.

Lomqeqeshi uthi ibhola alibone kwezakhe yilona afuna ukuligququzela kuleliqembu.

“Sidlale ibhola elihle, lokho kungijabulisile. Kufanele siqhubeke lapho. Sifuna ukudlala ibhola elidale ngamaphasi, siphathe umdlalo, sifake abadlali ebhokisini.

Kukhona abadlali engibonile ukuthi bathukile. Kufanele wehlise umoya uma usufike ebhokisini, uzame ukubheka amathuba ongawathatha. Kumele uqonde izitha ngoba kwenzeka noma yini uma uqonda umdlali ebhokisini.

Ungayithola iphenathi noma ifreekick. Kodwa sisapholisha kancane. Indlela iSekhukhune edlale ngayo esiwombeni sesibili iyona okufanele siyifundise. Ngijabule kakhulu,” kusho uDa Gama.