Ukushiya emsebenzini kukaJohn Maduka kubukeka kuyisikhala esizovaleka kungekudala njengoba IRoyal AM isiqale izingxoxo nomqeqeshi u-Owen Da Gama.

UMaduka usule isigubhukane ngoMsombuluko. Kuvela ukuthi uMaduka uzomenyezelwa njengomqeqeshi omusha weMaritzburg United ngoLwesibili.

Oyisikhulu esiphezulu kwiRoyal AM uSinky Mnisi ungene ezintangeni ebuzwa ngoMaduka, watshela izintatheli ukuthi aziqondise imibuzo kuyena uqobo umqeqeshi osolwa ngokusula esikhundleni.

Akusenani ngoba uMnisi esekhanyise elinye ikhandlela. IRoyal AM isiqale izingxoxo noDa Gama obesebenzisana noMnisi kwiHighlands Park.

Kuvela negama likaGavin Hunt esigqokweni kodwa uMnisi uzimisele ngoDa Gama ngoba usebenzile naye ngaphambilini.