Isitobha seMamelodi Sundowns uKeanu Cupido uthi uLucas Ribeiro Costa uzoshiya isikhala esikhulu uma kwenzeka ejoyina elinye iqembu njengoba kunamaqembu azama ukumsayinisa.
Kubikwa ukuthi uCosta ufunwa yiFluminense yaseBrazil kanye nePyramids FC engompetha bePyramids FC.
Okwamanje lo mdlali usaseNingizimu Afrika kodwa kubikwa ukuthi usamile ekuziqeqesheni neqembu njengoba izingxoxo sezisemaphethelweni namaqembu afisa ukumsayinisa.
“ULucas uwumdlali omuhle. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu uzomkhumbula umdlali onjengaye,” kusho uCupido ngesikhathi kwethulwa iMTN8 ngoLwesithathu ebusuku eRandburg.
“Ngisho nawe uma uya emsebenzini, uma kukhona ohambayo, uyakhumbuleka…siyiMamelodi Sundowns sithi uma kwenzeka ahambe, simfisela okuhle.
“Baningi abadlali abaseqopheleni eliphezulu kwiSundowns abangangena baqhubeke la ashiye khona, kukhona abadlali abancane abangakhula badlale njengoLucas.”