Unozinti weReal Madrid uThibaut Courtois uthi ukungahlonishwa abezindaba nabahlaziyi bebhola eNgilandi yisona isizathu esimgqugquzele ukuthi avimbe kwasani emdlalweni wamanqamu we-UEFA Champions League beshaya iLiverpool ngo 1-0 ngoMgqibelo.
UCourtois (30) uvimbe amabhola angu-9, okuyisibalo esiqhwakele esenziwe unozinti emdlalweni wamanqamu e-Europe kusukela kwaqalwa ukuqokwa kwamarekhodi ngo-2003.
IMadrid iwine ngegoli likaVinicius Junior ngomzuzu ka-59.
UCourtois uthi wagquqgquzelwa ukungabalwa ohlwini lonozinti abalishumi abahamba phambili emhlabeni odabeni olwashicilelwa kwiphephabhuku laseNgilandi iFour Four Two ngoMashi. Uthi nokungabazwa ngesikhathi egcizelela ukuthi iMadrid izonqoba iChampions League kwamfakela umfutho.
“Angihlonishwa eNgilandi. Angicelanga ukuba unozinti ohamba phambili emhlabeni kodwa igama lami kufanele libe khona. U-Allison ungunozinti osezingeni, uMendy (Edouard) naye muhle emapalini, kubalwa uJan Oblak no-Ederson. Baningi impela onozinti abasezingeni, angiceli ukuba umpetha wonozinti.
Ngibe nesizini enhle kakhulu kodwa angifakwanga ohlwini lwabadlali abalishumi abantswempu. Lokho kungimangazile. Ngiphinde ngabona izindaba ezidelelayo ebeziqhamuka eNgilandi,” kuchaza uCourtois esekhuluma nabe-ESPN sekuphele umdlalo.
UCourtois wahamba kungasemnandi kwiChelsea eminyakeni emine eyedlule njengoba wanqaba ukujima neqembu esefuna ukuyojoyina iLos Blancos ngenkani. Lonozinti ukholwa ukuthi ukushiya kwakhe kwiChelsea yikhona okumdalele amazinyo abushelelezi eNgilandi.
Kulesizini uCourtois uvimbe amabhola angu-59 kwiChampions League, elinye irekhodi elisha selokhu kwaqalwa ukuqoqwa kwamarekhodi ngo-2003/04.
“Angifakwanga ohlwini lonozinti abahamba phambili kwiphephabhuku elakhishwa ngoMashi. Ngibona ukuthi basangigxeka ngendlela engahamba ngayo kwiChelsea kodwa ngawina iligi kabili eNgilandi. Angiboni ukuthi bayayibala iligi engayiwina neChelsea, ikakhulukazi ngoba ngabhacaza neMadrid.
Abantu abaningi bangihleka kodwa sengiwinile manje. Ngabona abaningi behlekisa ngani kuTwitter, kodwa namuhla kujabula mina. Bekufanele ngiwine umdlalo wamanqamu ukuze ngizogeza igama lami, angihlonishwa eNgilandi,” kubeka lonozinti.