Umqeqeshi weNapoli SC u-Antonio Conte usexwayise abadlali bakhe ukuthi basazobola yisibhaxu uma bengashintshi ukwenza maduze ngemuva kokuxetshulwa yiPSV ngo 6-2 kowe-UEFA Champions League ngoLwesibili.

Bekungokwesibili iNapoli ishaywa kwiChampions League kule sizini. Isibhaxu sayizolo silandela esika 1-0 emdlalweni odlule weligi neTorino ngempelasonto edlule.

Ngemuva komdlalo wayizolo uConte uthe ufuna kwehle impakamo kubadlali bakhe.

“Sidinga ukuzehlisa, sekunesikhathi ngikhuluma ngaleyonto nabadlali,” kusho uConte ngemuva komdlalo.

“Kunabantu abangenalo iqiniso njengamanje, kodwa abalandeli beNapoli kufanele sibazise iqiniso. Abadlali abasha nabadala badinga ukukhuphula izinga labo. Sonke sidinga ukwenza kangcono.

“Ngisho sekuphume umdlali ngekhadi elibomvu, kufanele senze kangcono. Sifuna ukwakha into esingaziqhenya ngayo, kufanele sikuqonde lokho sibuyele eqenjini ebesiyilo ngesizini edlule, lapho esasicabanga khona ngeqembu.

“Anginandaba nomdlali ngamunye ukuthi udlala kahle. Ngifuna iqembu elizodlala kahle…ngenxa yezinto eziningi engizibonile ngifuna ukuthi abantu baseNapoli akufanele benziwe izilima.”

Kunemibiko yokungenami kwabadlali abadala beNapoli ngokuthengwa kukaKevini De Bruyne njengoba bekholwa wukuthi uphazamisa uScott McTominay obewumdlali omqoka kumaqhinga eqembu ngesizini edlule.

Kunenkolelo yokuthi uConte ushintshe amaqhinga eqembu ukuze kuzongena uDe Bruyne esikimini sakhe.

Kusahamba kahle nokho kwiSerie A njengoba ompetha beligi behleli kunombolo 3, isele ngephuzu elilodwa kwi-AC Milan esesicongweni ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa.