USihlalo weCape Town City uJohn Comitis uthola kale enecala lokungcolisa igama lePremier Soccer League, wanikezwa isigwebo esixegisiwe.
Icala likaComitis liqulwe ngoLwesine lomhlaka 19 kuMeyi. Umshushisi uZola Majavu uthe UComitis ulivumile icala lokukhuluma kabi ngePremier Soccer League (PSL), wabe esehlawulisa uComitis kanje.
- UComitis uhlawuliswe imali engu-R80, 000 kodwa izoxegiswa izinyanga ezingu-12 ngombandela wokuthi akasiphindi isenzo esifana nalesi.
- Uphinde wayalelwa ukuba axokise kwisigungi esiphezulu sePSL nakwiKaizer Chiefs.
- Uyalelwe ukuthi akhokhe izindleko zokuqulwa kwecala, okwaba yizinsuku ezimbili. IPSL izothunyelwa imininingwane efanele ukuze ezokhokha ngokushesha. Izindleko zingaphezulu kuka-R100, 000.
Odabeni oseluthathe isikhathi eside kulesizini ka-2021/22, ikomidi lePSL eliqondisa izigwegwe ligcine limhlawulisile uComitis owakhuluma kabi ngeligi ngesikhathi Umehluleli uNazeer Cassim evuna iKaizer Chiefs ecaleni lokuhlehliswa kwemidlalo emibili okwakufanele idlalwe ngoDisemba.
Ekhuluma ohlelweni lweMarawa Sports Worldwide, uComitis wachaza lesinqumo njengeshwa elimnyama eligubezele ibhola laseNingizimu Afrika. Waphinde wasola iPSL ngokuchema neChiefs, ekhala ngokuthi wonke amaqembu asayina isivumelwano esiqondene necovid-19.