Obengukaputeni we-Orlando Pirates uHappy Jele ubesafisa ukuqhubeka adlale enye isizini eqenjini kodwa izikhulu zeqembu zisichithile isicelo sakhe.

Kuthuke abathandi bebhola abaningi ngesikhathi iBucs imemezela ukuthi uJele uyashiya eqenjini yize bekubukeka ezoqhubeka ahlale.

UJele, ofike eMayfair ngo-2006, ushiya kwiBucs ngemuva kweminyaka engu-16 eqenjini.

IBhakaniya likhiphe isitatimende licacisa ngokudedelwa kukaJele. Iqembu belihlela ukunikeza UJele omunye umsebenzi wasehhovisi kodwa umdlali ubengavumelani nalombono.

“I-Orlando Pirates ingaqinisekisa ukuthi uHappy Jele ubambe umhlangano noSihlalo weqembu ekupheleni kwesizini ka-2021/22 kuzodingidwa ikusasa lakhe.

Izingxoxo zithathe amasonto amathathu, iqembu lichazele uHappy ngamathuba akhona omsebenzi akhona eqenjini.

Ngemuva kwezingxoxo, iqembu linikeze umdlali ithuba lokuyodla amathambo engqondo.

Ngokujwayelekile abadlali bayadedelwa uma kuphela isizini kodwa udaba lukaHappy lube yikhethelo ngoba ungumdlali othandwayo eqenjini njengoba esehlale iminyaka engaphezulu kuka-16. USihlalo wacela UJele ukuthi aziphendulele ngesifiso zakhe zesizini entsha.

Kuphinde kwabizwa omunye umhlangano emasontweni amabili, nokuyilapho uHappy wagcizelela khona ukuthi usafuna ukudlala ibhola ngesizini ka-2022/23. Besingeke sikwazi ukumnikeza lelothuba.

Sifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kuHappy Jele, simfisela okuhle kodwa ngekusasa lakhe,” kuphetha isitatimende.