Umdlali omusha weKaizer Chiefs u-Ethan Chislett ukholwa wukuthi Amakhosi angayigudluza iMamelodi Sundowns embangweni wesicoco seligi.
UChislett ojoyine iChiefs emasontweni ambalwa edlule uyingxenye yesikwati esilungiselela isizini entsha yeBetway Premiership. IChiefs yagcina ukuwina isicoco seligi ngo-2015. Ngesizini edlule iqede kunombolo 9, kodwa uChislett ukholwa wukuthi bangakuqeda ukucanasa kweMamelodi Sundowns kwiligi.
“Ngilandele imphumela yeChiefs kusukela ngisemncane…bengihlale ngiwumuntu olandela iChiefs uma ngikhuluma iqiniso nje, kodwa ke ngikuqaphile ukuthi ebholeni laseNingizimu Afrika eminyakeni edlule iSundowns yenza kahle kakhulu kwiligi, kodwa uma kukhona iqembu elingaqeda ukucanasa kwayo, ngicabanga ukuthi yiChiefs.”
Ebuzwa ngendawo adlala kuyo enkundleni uthe ukwazi ukudlala noma yikuphi esiswini kodwa indawo ayithanda ngempela wunombolo 10.
UChislett ukuqinisekisile nokuthi kukhona amaqembu abemfuna e-England kodwa waqoka ukujoyina iChiefs ngemuva lokuthola izindaba zokuthi iyamfuna nayo.
Lo mdlali kulindeleke ukuthi aphinde athole elinye ithuba lokuziveza kubaqeqeshi beChiefs emdlalweni wanamhlanje ne-Utrecht ngemuva kokudlala imizuzu ewu-45 emdlalweni odlule neVitesse abadliwe kuwo ngo 2-1.
Umdlalo uzoqala ngo 4 ntambama.