Sifuna ukuphindela ekhaya isitshudeni saseNyuvesi iStellenbosch emva kokuba esinye somlungu sichamele impahla yabo endlini ehlala izitshudeni. 

UMnuz Babalo Ndwayana obeyisisulu esisolwa ngokuthi ukucwaswa ngokwebala utshele i-eNCA ukuthi ufisa ukushaywa umoya aye ekhaya emva kokwehliswa isithunzi ngaleya ndlela isithudeni esimhlophe uTheuns Du Toit.

“Ngisahlukumezekile, isithunzi sami usidicilele phansi futhi wangiphuca amalungelo ami,” kusho uNdwayana. 

UNdwayana utshele lesiteshi sezindaba kwi-TV ukuthi usemvulele icala uDu Toit, uselinde ukuthi athole i-case number. 

IStellenbosch University sigcine sikhokhele indiza yakhe ebheke ekhaya, kuthiwa akabuye uma esezobhala izivivinyo.

Kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana uDu Toit ubonakala echamela izimpahla ebeziphezu kwetafula, okuthiwa belinezimpahla zika Ndwayana. UDu Toit kuthiwa uzingenele egumbini lika Ndwayana wabe esetanasa echamela impahla yakhe, wamtshela ukuthi benziwa kanje abafana abamnyama. UDu Toit umisiwe ukufunda kule nyuvesi izolo, kanti ziyaqina ezithi makaxoshwe angaphinde athole imfundo emanyuvesi ngisho nakulawa azimele.