Umqeqeshi weSekhukhune United u-Owen Da Gama ukhuza umoya omubi wokudayiswa kwabadlali abamqoka ngoba uphazamisa izinhlelo zeqembu.

ISekhukhune sidlale kahle kwisizini ebekungeyokuqala kwiDSTV Premiership. Bekubukeka sengathi iSekhukhune sizoqeda kwiTop 8 ekuqaleni kwesizini ngenxa yefomu eshisayo abazithole kuyo.

Konke kushintshe esiwombeni sesibili sesizini, sebelahla amaphuzu abalulekile. Yize umgqigqo ubaphelele maphakathi nesizini, iBabina Noko icoshe amaphuzu amaningi ukuze izovikela indawo yayo kwiligi.

Njengoba sekuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali, kungenzeka amaqembu asondele kwiSekhukhune, azame ukushela izihlabani zeqembu okukhona kuzo unozinti uToaster Nsabata, ukaputeni uYusuf Maart noVusumuzi Mncube.

“Ngamtshela uSihlalo ukuthi angeke siqhubekele phambili uma sizodayisa abadlali bethu kumaqembu akuPSL. Kufanele ubambelele kubadlali abamqoka uma ufuna ukuphumelela kwiligi. Kufanele ubadedele uma kuvela amathuba phesheya kwezilwandle. Uma kungenjalo, kufana nokuthi ubuyela emuva.

Ukhanda umdlali, ulandele ngokudayisa, ubuyela emuva. Ngimcebisile uSihlalo ukuthi kumele abambelele kubadlali abamqoka kumasizini amathathu azayo, ukhande iqembu eduzane nabo,” kusho uDa Gama ekhuluma nabezindaba.

UDa Gama uncome uMncube, Maart noNsabata, wathembisa ukubabeka ezingeni eliphezulu.

“UToaster Nsabata uyena unozinti ohamba phambili eNingizimu Afrika, uYusuf ungomunye wabadlali basesiswini abantswempu eMzansi. Bakhona nabanye abadlali.

UMncube udinga ukufundiswa kancane, azikhandle, aphinde anakekele umzimba ngoba ikhono liyabonakala. Sizolungisa izinto ezincane. Sifuna bafike ezingeni lokuqeda umdlalo bengakhathele,” kusho uDa Gama.

ISekhukhune sizophetha imidlalo yeligi neMarumo Gallants ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium. IBabina Noko ihleli kunombolo 11, yaqoqa amaphuzu angu-32.