Unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune wagcina ukubonakala emdlalweni wokuqala wesizini bekhishwa yiMamelodi Sundowns sekukhahlelwa amaphenathi kwiMTN 8.

UKhune, owahlabana ngenkontileka entsha ngesizini edlule, akabonakali ngisho ebhentshini njengoba ebanga ijezi noDaniel Akpeyi, Brandon Peterson noBruce Bvuma. UKhune wasayina inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokwelulwa.

Owayengunozinti u-Aime Kitenge usakholelwa kuKhune, ubona kufanele ajoyine iqembu elizomnikeza ijezi.

“UKhune uneminyaka efanele yokudlala ibhola, angiboni ekulungele ukuba umlolongi wonozinti. UKhune usengadlala iminyaka emibili. UGianluigi Buffon usadlala kodwa uneminyaka engu-44, uKhune uneminyaka engu-34 kodwa kuthiwa akathathe umhlalaphansi.

Ngiyamazi uKhune, uyena unozinti ohamba phambili eNingizimu Afrika, kuyadingeka ukuthi adlaliswe. Udinga ithuba kuphela, ngingamcebisa ngokujoyina IRoyal AM noma AmaZulu. Ngiyazi uyazifela neChiefs ngoba yilona kuphela iqembu aselidlalelile, kufanele ajoyine iRoyal AM,” kusho uKitenge ecashunwa abeKickoff.