Umgadli uLeonardo Castro usedalule izizathu ezaholela ekutheni ajoyine iKaizer Chiefs ngesikhathi esuka kwiMamelodi Sundowns ayeyisethenjwa kuyo.

UCastro ujoyine iChiefs ngoJanuary wango-2018, washiya izizumbulu zezimali ayezihola eChloorkop.

Lomgadli waseColombia wanqoba iCAF Champions League neCAF Super Cup kwiSundowns, waphinde waqukula iligi kabili neTelkom Knockout ngaphezulu.

UCastro ubekhuluma noRobert Marawa ohlelweni iMarawa Sports Worldwide.

“KwiSundowns kuqhutshwa ibhizinisi. Sakhuluma ngenkontileka entsha kodwa sangavumelana kahle. Yingakho ngathatha isinqumo sokushiya ngoba abafunanga ukukhuluma into eqondile. Ngacabangela umndeni wami ngoba yiwona engiwukhathalele,” kubeka lomdlali.

UMarawa ubuza uCastro ngesizathu sokushiya eChloorkop, waphendula kanje:

“Ungayichaza ngendlela yakho, inkontileka abayibeka etafuleni angiyithandanga. Yingakho ngaqoka ukushiya kwiSundowns ngaleso sikhathi.

Ngiyafisa ukubuyisela isikhathi emuva. Ngenza iphutha elikhulu kodwa umuntu ufunda ngokukhula kweminyaka, isipiliyoni nesikhathi. Ngicabanga ukuthi ukubuyisela isikhathi emuva, ngizame ukulungisa izinto ngendlela ehlukile. Angichazi ukuthi ngahamba sekubheda kwiSundowns, kodwa kwakuphoqa ukuthi sizwane kahle,” kusho lomdlali.