ULeonardo Castro usegonyuluke okokuqala kwabezindaba kusukela achithwe kwiKaizer Chiefs.

UCastro ungomunye wabadlali abangu-9 abachithwe yiChiefs emasontweni amabili adlule. Inkontileka kaCastro ibivele izophela ngomhlaka 30 Juni, kanti neqembu liqoke ukungayeluli.

Lomgadli uhlale amasizini amane kwiGlamour Boys. Ubehlushwa ukulimala eqenjini, obekudala ukuthi aphinde eqiwe ijezi.

Ushaye amagoli angu-29, wazakhela umlando wokuba ngomunye wabadlali a ayishumi asebeqhulule amagoli amaningi eqenjini selokhu iligi yaqala ukwaziwa ngePSL ngonyaka ka-1996.

UCastro (33) ubeke kanje ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide ngoLwesibili.

“Bengijabule kwiChiefs, ngicabanga ukuthi abaphathi beqembu kufanele benze kangcono uma bezokhulula abadlali, bakhombise inhlonipho.

Noma ungayiwinanga indebe, kufanele umcabangele omunye umdlali ngoba unomndeni obheke yena. Bengimangele ngokuchithwa kwami kodwa bengizibona izimpawu. Kufanele iqembu lenze kangcono eminyakeni ezayo. Akusikhona ukuthi ngiphatheke kabi,” kusho uCastro.

Lomgadli uthi kumphoxile ukudedela ngoba ubesafuna ukunqoba izindebe neqembu.

“Kungiphoxile ukudedela eqenjini, benginethemba. Bengifisa ukunqoba iligi neqembu ngoba sengihlale iminyaka emine. Abalandeli beChiefs bebegcwala kuzona zonke izinkundla ebesidlalela kuzo.

Bekungakhathalekile ukuthi sisembamgweni weligi noma sidlalela inkomishi. Abalandeli bathembekile eqenjini. Ngiyakukhumbula ukuba yingxenye yeqembu, kodwa ngiyakwamukela ukudedelwa,” kusho uCastro.