Umgadli uLeonardo Castro uthi uzimisele ngokuhlala eNingizimu Afrika njengoba enesifiso sokudlalela iCape Town City.

UCastro (33) uchithwe iKaizer Chiefs emasontweni amathathu adlule. Ubesohlwini lwabadlali abangu-9 abadedeliwe ngoba bengekho ezinhlelweni zikamqeqeshi omusha u-Arthur Zwane.

UCastro ubeke kanje ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide:

“Ngisafuna ukuqhubeka nokudlala eNingizimu Afrika. Lelizwe liyikhaya lami lesibili. Sengihlale iminyaka eyisithupha nomndeni wami lapha. Sinethezekile futhi siyabathanda abantu bakhona.

Ngisafuna ukudlala kwiChampions League. Iqembu engingadlala kulo iSundowns. NeCape Town City iyiqembu engingadlala kulo,” kusho lomdlali.

Kubukeka kuyinto elukhuni ukubona lomgadli esayiniswa iSundowns ngoba usekhulile ngokweminyaka futhi neqembu lihlela ukusebenzisa abadlali abasebancane.

ICity izodinga abadlali abanesipiliyoni njengoba izodlala kwiCAF Champions League ngesizini ka-2022/23.

Yize kukhona abalandeli beSundowns abangeke bamxolele uCastro ngoba wahamba kungasekuhle eChloorkop ngo-2018, lomdlali uthe uyazisola ngendlela ashiya ngayo.

“Empilweni amaphutha ayenzeka, ufunda emaphutheni akho ngokukhula kweminyaka nokuhamba kwesikhathi. Bengingenza kangcono ukube isikhathi siyabuyiselwa emuva. Izinti zazingabhedi kakhulu kodwa asikwazanga ukuvumelana ngenkontileka,” kubeka lomgadli.

UCastro wayengomunye wabagadli abahlonishwayo eminyakeni emithathu ayihlale eChloorkop. Lomdlali ushaye udaka kwiChiefs kwazise ubephinde ahlushwe ukulimala isikhathi eside.