Isitobha seKaizer Chiefs uDaniel Cardoso uthi akanaso isiqinisekiso ngezinhloso zeqembu mayelana nenkontileka yakhe ephelayo ngomhlaka 30 Juni.
UCardoso udalule ukuthi usazodingida indaba yenkontileka nabaphathi kodwa ukulindele nokuthi akhululwe.
Njengoba Amakhosi ematasa nezinguquko zangesizini ka-2022/23 okubalwa kuzo ukunikeza abadlali abasebancane ithuba, uCardoso uthi ubona sengathi sekuphelile obekumhlamganise neChiefs.
“Sizobamba umhlangano neqembu sixoxe ngezinto ezibalulekile. Umhlangano uyeza ezinsukwini ezilandelayo, ngiyazi ukuthi iqembu lizama ukukhucula.
Ngiyathemba abantu sebebonile ukuthi kunezinguquko eqenjini kodwa sengilinde impendulo kwiChiefs. Senginesikhathi eside ngidlala kwiChiefs, ngisafuna ukuhlala,” kuchaza uCardoso obekhuluma nabezindaba ngesikhathi kunombukiso weNdebe yoMhlaba.
UCardoso uthi akhona amaqembu amfunayo kwiDSTV Premiership naphesheya kwezilwandle. Uthi uzobheka amaqembu abeka into ebonakalayo etafuleni uma kwenzeka iChiefs inquma ukungayivuseleli inkontileka yakhe.
“Kunamaqembu amaningi eNingizimu Afrika angifunayo, akhona namanye amaqembu phesheya kwezilwandle. Ngizolinda sisonge izingxoxo neChiefs ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Okwamanje ngisahlabe ikhefu, ngifuna ukuzihlalela nomndeni wami ngikhohlwe ngebhola,” kusho lomdlali.
UCardoso ukholwa ukuthi iChiefs ibe nesizini enhle yize ingayitholanga neyodwa indebe, yaqeda endaweni yesihlanu kwiligi.
“Isizini ibilukhuni. Ziningi izinguquko ezenziwe yiqembu, kwafakwa abadlali abasebancane. Bazama ukwakha iqembu ngabadlali abancane, bahlanganise nalabo abakhona esikwatini. Siyasondela ezingeni lethu.
Kwesinye isikhathi besihubha iligi, abantu baqale ukusigxeka sesihlulwa emidlalweni elandelayo. Isizini yethu ibingabhedi kakhulu.
Ngibona sidlale kahle kulesizini. Siqede kunombolo 8 ngesizini eyedlule, safinyelela emdlalweni wamanqamu kwiCAF Champions League. Sibhekene nesomiso sokunqoba izindebe, kufanele siqinise, sinqobe izindebe,” kusho uCardoso.