Isitobha seSekhukhune United uDaniel Cardoso uthi akazange nangelinye ilanga avumele ukugxekwa abalandeli beKaizer Chiefs ukuthi kumphazamise ebholeni lakhe.
UCardoso (33) uchithwe yiChiefs ekupheleni kwesizini ka-2021/22 esehlale amasizini ayisikhombisa. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiBabina Noko.
UCardoso ubengomunye wabadlali ababebhekana ngolaka labalandeli kwiChiefs.
Abalandeli babemchapha ezinkundleni zokuxhumana, ngaphakathi enkundleni. UCardoso uthi ukugxekwa akukaze kumphazamaise ngoba wayelithemba ithalente lakhe.
“Akufanele uvumele ukugxekwa kukuphazamise ekhanda. Ukube abalandeli bangena kangcono, kufanele bangene enkundleni, bezodlala ibhola, mina ngiphume ngibabukele.
Anginandaba nokugxekwa, akuhlali ekhanda lami lokho. Ngibone abadlali abaningi bephazanyiswa ukugxekwa bagcine sebeboza. Kufanele uqine ukhakhayi. Um ungaqinile ukhakhayi, abalandeli bazokuxhaphaza.
Noma bengithuka kodwa angiphazamiseki. Mina ngisenkundleni, bona bahleli kuphi?” kusho uCardoso ecashunwa abeDiski Times.
UCardoso uthi ukusayina kwiBabina Noko kumkhiphile kwingcimdezi nokusaba abehlangabezana nakho esadlala kwiGlamour Boys.
UCardoso ukhale nangengcindezi yokudlala kwiGlamour Boys.
“Akekho umuntu okugadile kwiSekhukhune, lokho kuyasiza kwehlise ingcindezi. Ubuyelwa inkululeko. Akufani nokudlala kwiChiefs lapho obhekwa khona njalo. Uyafika ngisho endaweni yokuthela uphethiloli ngaphandle kokusaba.
Ngesikhathi ngisadlalela iChiefs, kwakunzima ukuya egalaji uma sishayiwe, ngangisizwa ukugqoka isifonyo noma isisgqoko. Kwakunzima kakhulu.
Iqembu lisakhula. Abalandeli abagcwali kakhulu. Ngibona kulula ukudlala kwiSekhukhune, uyakwazi ukujabula ngaphandle kwengcindezi, lokho kubalulekile,” kubeka uCardoso.