Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso onqobe isicoco seligi naMasandawana izolo ngemuva kokugqisha iChippa United ngo 3-0 uthi uyazi wafika eMzansi abalandeli benokuwungabaza umsebenzi wakhe.

Injabulo ibibhalwe ebusweni kuCardoso ngemuva kokubuka ezakhe ziqeda ngesicoco seligi eBaffalo City Stadium. Igoli lokuqala leSundowns livalelwe wu-Iqraam Rayners esiwombeni sokuqala. Umgadli waseBrazil obukeka esengene egiyeni kwiPSL, u-Arthur Sales uvalele amagoli amabili esiwombeni sesibili.

Bekungokwesi-8 kulandelana iSundowns inqoba isicoco seligi, iyaqhubeka nokubhala umlando omusha ebholeni lakuleli.

UCardoso ofike wenza umsebenzi oncomekayo ededela isibhaxu kwiligi wabeka neqembu kowamanqamu weCAF Champions League uthi uyazi wafika ‘esolwa’.

“Ngiyazi abantu abaningi babengisola ngesikhathi ngifika kuleli [ukuthi uzohlulwa wumsebenzi]. Angazi kungani,” kusho uCardoso ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Mina ngiwumuntu onothando. Ngiyathanda ukuba seNingizimu Afrika, ngiyathanda ukuba nani, ngiyayithanda indlela yenu yempilo, ngiyalithanda izwe lenu.

“Ngiyakuthanda ukuba yingxenye yomndeni waMasandawana engamukele engathi ngingomunye wabo. Lokhu kungiqinisile kwangenza ngiwuqale kahle umsebenzi.”