Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usethembise ukudla isicoco seligi ngisho ngabe babhekana nezinqumo zonompempe ‘ezingajwayelekile’ ngemuva komdlalo wabo neLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu.
ISundowns ihambe nephuzu elilodwa eMpumalanga Stadium ngemuva komdlalo wayizolo ophele ngo 1-1. Okuhehe abaningi ngalo mdlalo wukuthi bekungowokuqala kaManqoba Mngqithi selokhu axoshwa kwiSundowns, isikhala sakhe savalwa ngoCardoso.
Ngemuva komdlalo uCardoso uthe ubone iqembu lakhe livalela amagoli amane.
“Ngokwami ngicabanga ukuthi sivalele amagoli amane namhlanje. Ngicabanga ukuthi senze okwanele ukunqoba umdlalo,” kusho yena.
“Bengifuna ukukucacisa nje lokho, nokuthi ezimeni ezijwayelekile sizoba ngompetha futhi, kodwa nasezimeni esingazijwayele, sizoba wompetha noma kunjalo.”
Bekungokokuqala iSundowns idlala idraw kwiligi kule sizini.
ISundowns isizolungiselela umdlalo wayo weNedbank Cup neSekhukhune United ongoMgqibelo ngo-8 ebusuku.