Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usezwakalise ukuphoxeka ngokudlala phambili kwenkundla ebingagcwele mfi emdlalwleni wabo ne-Al Ahly.
UCardoso uthi kuyaphoxa ukuthi abalandeli beSundowns abaphumanga ngobuningi babo bezokweseka iqembu emdlalweni omkhulu njengowayizolo.
Abalandeli kubathathe isikhathi ukugcwalisa inkundla izolo, futhi abawubukile umdlalo bazibonele ukuthi esiwombeni sokuqala bezigcwele izikhala eLoftus. Kuze kwaqala ukubukeka kugcwele esiwombeni sesibili kodwa nakhona ibingagcwele mfi inkundla.
“Ngijabule ngokusizwa abalandeli bethu, kodwa kuyadabukisa ukubona inkundla enhle kanje kushaye umoya kuyo kwisemifinal yeChampions League.
“Bekufanele ngabe igcwele mfi inkundla, obekuzonisinikeza umfutho othe xaxa, obekuzosiphusha.
“Kunzima ukudlala le midlalo. Abantu babuyeina bangibuze ukuthi ukuphi umehluko phakathi kwamaqembu aseNyakatho nawaseNingizimu. Umehluko wukuthi uma udlala eCairo kusuke kunabalandeli abawu-90,000 abaseka iqembu kusukela ngomzuzu wokuqala abanikeza iqembu umfutho ngisho ngabe kwenzekani enkundleni.”