Owayeyisitobha seKaizer Chiefs uDaniel Cardoso uthi kukhona abadlali beqembu ababefika ejimini bedle amanzi amponjwana kodwa bengajeziswa.
UCardoso ungomunye wabadlali abangu-9 abakhululwe yiChiefs njengoba ibumba isikwati sayo kabusha ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.
UCardoso ubekhuluma noRobert Marawa ohlelweni lweMarawa Sports Worldwide. Udalule izindaba ezishaqisayo ngabadlali beChiefs nenjwayelo yabo yokufika eNaturena benuka utshwala.
“Umthetho ubuthambile kakhulu kwiChiefs. IChiefs yakudala ibiqinisa isandla uma wephula umthetho ofana ngokufika ejimini udakwe utshwala.
IChiefs yamanje ithambise isandla kakhulu, iyekele izinto zonakala. Kubonakala kuyinkinga uma umdlali ekhuluma kabi,” kubeka uCardoso.
Lomdlali uqhubekile waphendula ngodaba lwabadlali abafika ejimini bephuzile.
“Babevunyelwa ukuthi baqhubeke nejimu, babenikezwa isexwayiso kuphela, bathethiswe, kuphethe lapho. Besibona ngomdlali esebuya ngesonto elilandelayo,” kusho uCardoso.
UCardoso uphinde wakhala ngabadlali abasayiniswe yiqembu eminyakeni eyedlule, wathi abanye abanandaba neqembu, kunalokho bazifunela imali kuphela.
“Eminyakeni eyisikhombisa engiyihlale kwiChiefs, ngibone amaphutha okusayiniswa kwabadlali abebehlala izinyanga eziyisithupha noma unyaka eqenjini. Bebededelwa ngemuva kwalokho.
Izinga labadlali belisolisa kakhulu, bekusayiniswa abadlali bakuNFD, abanye abadlali abangenawo amaqembu. Yize be nayo intshisekelo yokudlala, kunabadlali abazifunela imali kuphela.
Kuyabonakala enkundleni, uyambona umdlali ozimisele. Abanye abadlali babefika bedle amanzi amponjwana ngoba abanandaba vele. Yikhona obekudala ukuthi iqembu lingakhuli lokho,” kusho uCardoso.