Ngemuva kokukhishwa kwi-Nedbank Cup umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi kuyabaphoqa manje ukuthi bashintshe igiya baqinisekise ukuthi bayifaka induku kwiCAF Champions League i-Al Ahly abazobhekana nayo kule mpelasonto.
ISundowns ne-Al Ahly bazotholana phezulu eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ngo 3 ntambama. Amathikithi adayisa ngoR20 njengoba bengavumelekile ukungena mahhala abalandeli.
“Sibhekene nomdlalo onzima, neqembu eliqinile. Kumele sibashaye,” kusho uMiguel Cardoso ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo.
“Sesike sabashaya phambilini, sizokwenza konke okusemandleni ukubaphinda. Ngemuva kwalokho sizobhekana nomdlalo wamanqamu nemidlalo embalwa esele kwiligi.
UCardoso uqhube wathi ulindele ukuthi iqembu lakhe lidlale kangcono kunendlela elidlale ngayo libhekene neKaizer Chiefs ngempelasonto edlule.
Kwenye isemifinal i-Orlando Pirates izotholana phezulu nePyramids e-Orlando Stadium ngo-18:00.