Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usephumele obala ngesifiso sokuhlangana ne-Orlando Pirates kowanqamu weCAF Champions League.

ISundowns izobhekana ne-ES Tunis kwiquarterfinal namhlanje ngo-3 ntambama eLoftus Versfeld.n

Kule sizini iPirates neSundowns sebetholane phezulu kabili; kowokuqala kwanqoba iSundowns ngo 4-1, kowesibili kwanqoba iBucs ngo 2-1. UCardoso usafuna baphinde bazwane amandla kule sizini.

“Nginesifiso sokudlala owomanqamu weChampions League nePirates,” kusho uCardoso ngaphambi komdlalo wabo ne-ES Tunis.

“Kuyangichaza kakhulu ukubona abantu abathanda ibhola bephuma ngobuningi babo bezosibuka. Abalandeli bagcwala inkundla. okwenza sidlale kangcono.

“Abalandeli baseNingizimu Afrika bawafakela umfutho amaqembu abo.

UCardoso uqhube wacela abalandelai bebhola ukuthi baqhubeke nokweseka amaqembu amele iNingizimu Afrika kwiCAFCL, bengakunaki ukuthi bathanda maphi amaqembu kuleli.