Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ujabule ngakubona kumgadli oseqala ukungena egiyeni kwiPSL u-Artur Sales akholwa wukuthi usazoba yisikhali sabo esinzima.
Lo mdlali oneminyaka ewu-22 isikhathi esiningi ukuvame ukudlala esuka ebhentshini kodwa useqala ukuphenduka iphela endlebeni kumaqembu amaningi uma engena enkundleni.
Emdlalweni ewu-25 usevalele amagoli amahlanu nama-assist ayisikhombisa.
“U-Artur umdlali omuhle kakhulu futhi uba nomthelela emdlalweni uma engena. Ungumdlali esimaziyo ukuthi uma engena, ngokuvamile uyawashintsha umfutho womdlalo, futhi siyazuza kulokho kakhulu. Sidinga ukuba nabadlali ebhentshini abangena bashintshe okuthile enkundleni,” kusho uCardoso.
“Siyamethemba futhi siyakholelwa kuye. Ukwazi ukudlala kunoma iyiphi indawo phambili, akayena nje unombolo 9 kuphela. Yikho ebuye awaxaka amaqembu esibhekana nawo.”