Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi ubengawalindele amaqhinga asetshenziswe yi-Al Ahly evele yapaka ibhasi idlala ekhaya kodwa uthi ujabule ngokubona ezakhe kowamanqamu weCAF Champions League.
ISundowns izodlala kwifinal ngemuva kokudlula ngomthetho we-away goal, njengoba ikore ekuhambeni kumdlalo ophele ngo 1-1 izolo eCairo. Okucasula abalandeli be-Al Ahly kakhulu wukuthi kwagoli lelo kube yi own goal. UCardoso ubeke amabili/amathathu ngamaqhinga kaMarcelo Koller okungenzeka axoshwe ngemuva komphumela wayizolo.
“Bengingawalindele amaqhinga asetshenziswe yi-Al Ahly, kodwa ke ngiyaqonda uma ubuka umlando wokuthi abayishayile iSundowns emdlalweni ewu-8 edlule, isiwu-9 manje. Bebazi ukuthi kufanele baqaphele,” kusho uCardoso.
“Okunye mhlawumbe yingoba bekuwumdlalo onzima, omabili amaqembu abengafisi ukudedela igoli lokuqala, ngoba igoli elilodwa liyawushintsha umdlalo.
“Ngemuva kwephutha esilenzile [lokudedela igoli] kudingeke ukuthi sijike izinto. Senze izinguquko eziningi esiwombeni sesibili ukuze sihlasele kangcono. Ngokwami kodwa ngibona kusifanele ukuyodlala kowamanqamu noma ngiyihlonipha i-Al Ahly.”
ISundowns izowudlalela ekhaya umlenze wokuqala we-final ngoMay 24. Umlenze wesibili uzodlalwa ngoJune 1.