Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi akaboni phutha kwizinguquko azenze esiwombeni sesibili emlenzeni wokuqala weCAF Champions League Final nePyramids FC.

ISundowns ibanjwe yiPyramids ngo 1-1 ePretoria izolo okuzoyihlalisa ngesinqe esisodwa ngaphambi komlenze wesibili ngoba kufana nokuthi iPyramids ihamba phambili ngenxa yomthetho wamagoli asekuhambeni.

Abalandeli abaningi basola uCardoso ngokuhluleka ukwenza izinguquko ezifanele ukuze bavikele igoli labo.

UCardoso nokho uyawuchitha lo mbono, uvikela ikakhulukazi isinqumo sakhe sokungamfaki uThemba Zwane.

“UZwane kufanele ngimphathe njengabo bonke abanye abadlali, wonke umunty ubefuna ukudlala kodwa ngiqoke ukungashintshi kakhulu, futhi ngibona ngithathe isinqumo esihle.

“Ibhola linjalo ke kodwa, lihle noma libi ngokuthi ngokwenzeke ngomzuzu wokugcina nje senicabanga ngenye indlela ngezinqumo zethu.

“Ukube abakaronga wonke umuntu ngabe uthi umqeqeshi wenze umsebenzi oncomekayo…bathole igoli ngomnyakazo owodwa obuyingozi ebhokisini. Kungene igoli, wonke umuntu useshintshe umqondo ngathi…sizoqhubeka kodwa sigqugquzele abafana silungiselele umlenze wesibili.”