Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usezwakalise ukungenami ngabamsola ngokusebenzisa amaqhinga okugqisha emuva, okubizwa ngokupaka ibhasi.
UCardoso ukhethe ukuphinde akhulume ngale ndaba ngemuva komdlalo ophele ngo 0-0 phakathi kwezakhe ne-ES Tunis ekuhambeni, okubabeke kuma-semifinal eCAF Champions League. Bazobhekana ne-Al Ahly esigabeni esilandelayo.
UCardoso uthi abantu baseTunisia abawaqondi amaqhinga akhe.
“Ngicabanga ukuthi abantu baseTunisia banombono ongelona iqiniso ngami njengomqeqeshi. Ngibonile nje emasontweni edlule abantu bethu sidlala ibhola lokugqisha emuva. Kuthiwa ngiwumqeqeshi opaka ibhasi.,” kusho uCardoso owayeqeqesha i-ES Tunis ngaphambi kokujoyina iSundowns.
“Ngangihlale nginitshela ukuthi akulona iqiniso lelo.
“Beseibhekene neqembu elinzima kuma quarter-final. Uma ufuna ukuphumelela kulo mqhudelwano usazobhekana namaqembu afana no-Esperance, Al Ahly, Al Hilal, Pyramids, AS FAR ne-Orlando Pirates kufanele nidlale njengeqembu, nibambisane ngayo yonke indlela.”
NgeSonto iSundowns izobhekana neKaizer Chiefs kwisemifinal yeNedbank Cup bese itholana phezulu ne-Al Ahly ngoLwesihlanu (18 April).