UDaniel Cardoso usephumele obala ngokuchithwa yiKaizer Chiefs esemkhankasweni wokubumba iqembu kabusha.

UCardoso (33), owafika kwiChiefs ngo-2015 esuka kwiFree State Stars, ubeyinsika odongeni leqembu kusukela ngesizini ka-2015/16.

Uhamba kwiChiefs enemidlalo engu-202. Uthi ukudedelwa kwakhe akumthusanga neze.

“Kunzima ukwamukela. Sengihlale iminyaka eyisikhombisa kwiChiefs, ngisho nezinto ezinhle ziyaphela uma sekufike isikhathi.

Kuyenzeka izinto zingahambi kahle. Ngizoqhubeka nokudlala, sengibheka iqembu elisha. Bekubonakala ngaphambi kokuqala kwesonto ukuthi iChiefs iyakhuculula futhi kudedelwa abadlali abadala.

Angithukanga neze, benginawo umbandela wokwelula inkontileka kodwa iqembu liqoke ukwenza izinguquko. Akukho ebengizokwenza, ngibafisela okuhle kodwa, ngiyathemba bazozifeza izifiso zabo,” kubeka uCardoso ekhuluma noThabiso Mosia weSAFMSportsOn.

Lomdlali uthi akuvumi amukele ukuchithwa yiChiefs.

“Bengifuna bayelule inkontileka yami. INaturena iyindawo enhle kakhulu, kuhle ukuphila kuyona. Iyindawo ekhazimulayo ngempela, ihamba yodwa ngokwezinga. Ijimu yakhona iyamangalisa. Kodwa zonke izinto ziyaphela, kuza okuhle kodwa.

Kunzima ukuvuma ukuthi ngidedeliwe, bengidlala eqenjini elihle kakhulu. Sekusondele izinto ezinhle zodwa,” kubeka uCardoso.