Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi akuphelile ngombango wesicoco seBetway Premiership ngakho bazoqhubeka balwele ukuqoqa amaphuzu ngemuva kokushaya AmaZulu FC koweligi izolo.
ISundowns iginqe Usuthu ngo 2-0 eLucas Moripe Stadium izolo. Igoli lokuqala livalelwe wuPeter Shalulile osehlanganise amagoli awu-100 njengomdlali weSundowns, kanye no-Arthur Sales osenamagoli amane nama-assist ayisikhombisa kule sizini.
Ukunqoba kweDowns nokuhlala amaphuzu kwe-Orlando Pirates kusho ukuthi ompetha bangesizini edlule sebehamba phambili ngamaphuzu awu-18.
“Ayikho into ebekiwe empilweni,” kuchaza uCardoso ebuzwa ukuthi ngabe ubona sebeqedile ngesicoco seligi.
“Ngiyalihlonipha kakhulu ibhola, nami ngiyazihlonipha. Kusazoba nzima ukunqoba isicoco seligi ngoba akekho ozolahla ithemba.
“Kumele sivikele amaphuzu esiphambili ngawo, kumele siqine. Kumele silungiselele umdlalo olandelayo ngoba noma yiliphi iqembu lingakwazi ukuthatha amaphuzu kithi. Yingakho ngithi iseyinde indlela.”
ISundowns izotholana phezulu neZimnyama ngeSonto ngo-15:30 ntambama eFNB Stadium.