Isihlabani se-Inter Milan uHakan Calhanoglu ukholwa ukuthi iqembu lakhe liqinile ukudlula izimbangi ezinkulu i-AC Milan yize ibahlulile kwiligi ngesizini ephelile.
UCalhanoglu uphinde wakhalaza ngomgadli weMilan uZlatan Ibrahimovic, emsola ngokuzithwala.
UCalhanoglu wabukela ngokudabuka iqembu lakhe lakudala i-AC Milan lihluleka ukunqoba iScudetto ngesizini ka-2020/21. Lomdlali wajoyina i-Inter ekuqaleni kwesizini, waphinde wabhekana nesambane sokushweba iligi. I-AC Milan iyona enqobe iligi ngesizini ka-2021/22.
“I-Inter iqinile kakhulu ukudlula iMilan. Sahlulwa emdlalweni womkhaya, nakhona izinto zashintsha ngomzuzu ka-75 ngesikhathi umqeqeshi eshintsha mina no-Ivan Perisic.
Sasihamba phambili ngegoli elilodwa. Sahlulwa ngo 2-1. Umqeqeshi u-Inzaghi wasidlisela, ngamtshela naye. Sabashaya ngo 3-0 emdlalweni wenkomishi, iqembu lethu liqinile kakhulu,” kubeka lomdlali ecashunwa abeTivibu Spor.
U-Ibrahimovic wayebhema isigazu ngesikhathi iMilan ijabulela ukunqoba iligi. Wathatha umbhobho, wathi ucela ukudluliselwa umyalezo kuHakan.
Lesenzo samphatha kabi uCalhanoglu.
“Uneminyaka engu-40, angisoze ngaziphatha ngaleyandlela ngineminyaka engu-40. Uyakhohlwa ukuthi akanayo iminyaka engu-18. Uyathanda ukubuka u-Ibrahimovic.
Kulonyaka akadlalanga kakhulu kwiligi, akukho akwenzele iqembu kwiScudetto. Uthanda ukwenza izinto ezizomlethela amehlo abalandeli. Anginandaba naye, akulungile lokhu akwenzile ngoba uyangifonela uma ngiseMilan efuna siyodla noma siyodlala isithuthuthu.
Bengimhlonipha u-Ibrahimovic. Ubhale ngami encwadini yakhe, bekufanele abhale ngami ngoba incwadi yakhe ibizoshoda ngamakhasi. Angeke ngimphendule,” kuchaza lomdlali.