Ukaputeni weSuperSport United uRonwen Williams usedalule ukuthi kungenzeka ashiye kuleliqembu uma kuvulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali njengoba esanesifiso sokunqoba iligi.

UWilliams, iphinde abe ukaputeni weBafana Bafana, useke wamatanisaa namanye amaqembu kumasizini adlule. I-Orlando Pirates ingelinye lamaqembu okuvela ukuthi agaqele lonozinti.

Ekhuluma emcimbini weCastle Lager onesiqubulo esithi: ‘It’s Within’, uWilliams uthi useqalile ukukhuluma nezikhulu zeqembu, namaqembu amfunayo ngekusasa lakhe.

“Seziqalile izingxoxo, sizobona ukuthi yini ezokwenzakala. Kukhona amaqembu angifunayo, kodwa sengilinde impendulo yeqembu. Ngibatshelile abaphathi beSuperSpor United ngezifiso zami, kulele kubona uma besafuna ukungigcina.

Ngizohlala uma befuna ukuthi ngihlale kodwa ngibona sekuyisikhathi sokuthi bangidedele manje. Ngijabule kwiSuperSport, kuzobonakala emasontweni alandelayo ukuthi kuzokwenzekalani,” kusho uWilliams.

UWilliams uthi usafuna ukunqoba iDSTV Premiership, kodwa akakholwa ukuthi iSuperSport ingakwazi ukumsiza anqobe lesicoco ngoba isidlala ngabadlali abancane.

ISuperSport isinciphise isabelomali eqenjini, isiqoke ukuphuculula abadlali abancane, ibadayisele amaqembu amakhulu.

“Ngifuna ukuwina iligi, Ngibatshelile ukuthi angikaze ngiyinqobe iligi. Kufanele sicacise ngoba indlela ethathwa yiqembu angeke isinqobise iligi. Kugcwele abadlali abasebancane, alikho ithuba lokuthi sidlale namaqembu amakhulu.

Angiboni singayinqoba iligi. Singakwazi ukudlalela I inkomishi kodwa sengifuna ukunqoba okukhulu kunalokho. Ngizobona ukuthi kwenzakalani. Ngizozinikela ngokugcwele uma ngihlala,” kusho uWilliams.