Unozinti weKaizer Chiefs uBruce Bvuma usegcine eyiphendulile inkulumo yowayengumdlali waMakhosi u-Itumeleng Khune osanda kumsola ngokuhluleka ukukhuphula izinga lakhe.
Ekhuluma ngoBvuma muva nje uKhune uveze ukuthi lo nozinti wahluleka ukulandela iziyalo zakhe ngesikhathi emtshela ukuthi ababona abangani, ngakho kumele baqhudelane ukuze bezokhuphula izinga bobabili, okuzosiza iKaizer Chiefs kusize naye uBvuma ukuthi abe wunozinti ongcono.
Ngamanye amazwi uma uyikhela phezulu inkulumo kaKhune nje uthi insizwa yakwaBvuma ihleka kakhulu ikhohlwe wukuthi kusemsebenzini kuyaqhudelwana ngezindawo. Ngaphandle kukaBvuma uKhune uzwakalise ukungenami ngezinga lonozinti abasele kwiChiefs. Kuzokhumbuleka ukuthi uKhune udedelwe ekupheleni kwesizini edlule esafuna ukuhlala kwiChiefs. UBvuma umphendule kanje:
“U-Itu uyinkakha yeqembu. Angiboni ukhona omunye phakathi kwethu ozokwazi ukwenza into ayenzele iqembu,” kusho uBvuma ekhuluma eKaizer Chiefs Village eNaturena ngoLwesine.
“Kukhulu akwenzele iqembu kanye nezwe. Ngiyamhlonipha futhi ngiyakhuluma naye…okwenzekile kwenzekile nakushilo ukushilo, kodwa okwami ukugxila emsebenzini wami ngiqinisekise ukuthi ngenza kahle.”
Lo nozinti uqhube wavuma nokho ukuthi ubengenza kangcono kweminye imidlalo kule sizini.