IKaizer Chiefs isiqoke ukungamnikezi inkontileka umgadli uWayde Lekay obehlolwa eNaturena emasontweni amabili adlule.
IChiefs imatasa ibheka abagadli njengoba ichithe uLeonardo Castro, Lazarous Kambole noSamir Nurkovic ekupheleni kwesizini ka-2021/22.
IChiefs isayinise umgadli oyedwa u-Ashley Du Preez kodwa akasilona ifolosi elijwayele ukudlala ebhokisini.
ULekay ufike eNaturena ehamba ezohlolwa ngemuva kokuchithwa kwiTS Galaxy abedlala kuyo ngesizini ephelile.
IChiefs isibheke ukuhlola abanye abagadli abathathu base-Afrika okulindeleke ukuthi batheleke ekhempini yeChiefs esePolokwane kungekudala.
Laba bagadli nguBonfils-Caleb Bimenyimana waseBurundi, uMusa Kamara waseSierra Leone noKatlego Makateng waseBotswana.
Yize iChiefs ingakasikhiphi isitatimende ngabagadli abahlolwayo, uLekay yena useyekile ukujima neqembu elikhulu.
ULekay udlale emidlalweni engu-17 ngesizini ephelile kodwa amagoli abembalekela. Isikimu ubesizwa ngendaba sekuzogoqwa isizini, okudale ukuthi ahambe kwiGalaxy.
Kuvela ukuthi AmaZulu neRoyal AM bazimisele ngokumbheka lomgadli.