Isekela likamqeqeshi kwiKaizer Chiefs uDillon Sheppard ubona ubudlelwano obuhle nokubambisana phakathi kwakhe nomqeqeshi u-Arthur Zwane kuzobasebenzela ekubuyiseni izinsuku zenjabulo eNaturena.

USheppard naye uhlabane ngenkontileka yeminyaka emithathu eNaturena njengoba bekuqinisekiswa ithimba labaqeqeshi elisha kwiChiefs.

UZwane noSheppard baqale ukusebenza ndawonye ngesizini ka-2020/21 iqembu liqeda ukuxoshwa uGavin Hunt.

Baphinde banikezwe ithuba bebambisene sekuxoshwe uStuart Baxter ngenyanga eyedlule sekusele imidlalo emine kusongwe iligi.

“Siyazwana kakhulu mina no-Arthur. Sisondelene kakhulu. Sichitha uhhafu wosuku sihleli neqembu elikhulu, sijime nenkulisa. Siphinde sisize abafundi besikole, sibacathulise nasejimini. Sijwayele ukukhuluma ngebhola lasemazingeni aphansi nokulikhulisa.

Ngaba yingxenye yekhempu okwavundululwa kuyo abadlali abafana noSteven Pienaar nabanye abadlali. Intshisekelo yethu osuka lapho. Sikhuluma ngesitayela sebhola esifanayo, yingakho sizwana ngoba sikhuluma ngebhola njalo. Sisondelene kakhulu, angikhulumi ngebhola kuphela,” kusho uSheppard.

USheppard ukholwa ukuthi ukungabi nesipiliyoni kwabo esigabeni esikhulu kuzobatholela ushwele kubalandeli, bathole isikhathi esengeziwe neqembu.

“Siyathenjwa, lokho kubalulekile. Kufanele sisebenzisane sonke singabaqeqeshi kanye nabaphathi. Kunzima kubaqeqeshi abanesipiliyoni ngoba baneminyaka eminingi ebholeni. Bafuna ukushaya umthetho kwizinto eziningi. Umehluko ulapho kubaqeqeshi abadala nabaqeqeshi bamanje,” kubeka lomqeqeshi.