Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usedlulise amazwi okuxolisa ngenkulumo yakhe egxeka izinga lePremier Soccer League kanye nabadlali abakhiqizwa amaqembu akuleli.
Inkulumo kaBroos ayehlanga kahle kubantu baseNingizimu Afrika, iningi lamsola ngokutefa nokuba nolimi olumanzi.
Isithangami nabezindaba sasihlelwe iSAFA ngenhloso yokukhuluma ngomdlalo wokuhlungela i-AFCON 2023 abahlulwa kuwo iMorocco.
Kwathuka abaningi lomqeqeshi esebhoka ngolaka kwizintatheli, ethi iNingizimu Afrika ikhiqiza abadlali ababozayo ngoba nePSL isezingeni eliphansi. Lenkulumo yathola indawo engavundile kumqeqeshi weMamelodi Sundowns uSteve Komphela.
UBroos ukhulume nesigungu seSAFA ngoMgqibelo, waxolisa ngamazwi akhe.
“Kufanele sithuthukise ibhola laseNingizimu Afrika, kufanele silenze libukeke lisezingeni eliphezulu. Ngikhuluma ngesipiliyoni enginaso.
Zihlukile izinto e-Europe, akwenziwa ngo kufana ne-Africa. Ngisebenzile e-Africa, ngihlale iminyaka emibili neCameroon. Ngibona iNingizimu Afrika inethuba lokuyedlula iCameroon ngokwebhola. Kuyadabukisa ukubona ukuthi iNingizimu Afrika ayikho ohlwini lamaqembu amakhulu e-Afrika, kufanele sikushintshe lokhu,” kubeka uBroos.
UBroos (70) ukhombise ukuzisola ngenkulumo yakhe.
“Ngifisa ukuxolisa uma inkulumo yami esithangamini nabezindaba ikhombise ukudelela izwe. Bengingaqondile ukwenza kanjalo. Ngifike eNingizimu Afrika ngonyaka odlule, ngifisa ukukhulisa ibhola kuleli.
Ngibona ukuthi sisendleleni elungile kodwa usemkhulu umsebenzi osihlalele. Ngithemba ukuthi izwe lizoma nami sizame ukuguqula isimo sebhola,” kuchaza lomqeqeshi.
UBroos uzibophezele ekufakeni iBafana kwi-AFCON ezobanjelwa e-Ivory Coast ngonyaka ozayo, aphinde abeke iqembu kwiNdebe yoMhlaba ngo-2026.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuze sizongena kwi-AFCON ngonyaka ozayo. Ngifuna nokubeka iqembu kwiNdebe yoMhlaba ngo-2026. Ngiyabazi abadlali esinabo, singakwazi ukungena kwiNdebe yoMhlaba.
Sidinga usizo siyiqembu lesizwe, Akugcini neSAFA nami kuphela. Nginethemba lokuthi singaphumelela, sibuyise iNingizimu Afrika kwimiqhudelwano ye-AFCON neNdebe yoMhlaba,” kusho uBroos.