Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usephumele obala ngokuchitha iFootball Association yaseMorocco kwisicelo sayo sokudlala umdlalo wobungani neNingizimu Afrika ngoba bazobe bengekho abadlali beMamelodi Sundowns.

UBroos ubeke kanje namhlanje ngaphambi kokumezela isikwati azogadla ngaso kwimidlalo yobungani engenyanga ezayo. NgoJune 6 iBafana izobhekana neTanzania, bese ibhekana neMozambique ngoJune 10.

Kule midlalo bazobe bengekho abadlali beDowns njengoba bezobe bematasa belungisilela ukuqala kweFIFA Club World Cup e-USA.

“Sathola ucingo oluvela eMorocco, becela sidlale umdlalo wobungani,” kusho uBroos.

“Ngabachitha ngizwa nje ngoba besizobhekana nomdlalo ofanayo nalona weFrance.

“Asikwazi ukudlala neqembu elihle bengekho abadlali bethu abaphambili. Ngathi ngeke sikwazi ukubhekana nabo bengekho abadlali beMamelodi Sundowns.”

Isikwati esiphelele esibizwe wuBroos:

Goalkeepers: Renaldo Leaner (Sekhukhune United), Ricardo Goss (SuperSport United), Sipho Chaine (Orlando Pirates)

Defenders: Nyiko Mobbie (SuperSport), Samukelo Kabini (Molde FK, Norway), Thabo Moloisane, Fawaaz Basadien (both Stellenbosch FC), Nkosinathi Sibisi, Mbekezeli Mbokazi, Deano van Rooyen (bonke bakwiPirates), Khulumani Ndamani (TS Galaxy)

Midfielders: Luke Le Roux (IFK Varnamo, Sweden), Thalente Mbatha, Simphiwe Selepe (bobabili bakwiPirates), Ndamulelo Maphangule (Polokwane City)

Forwards: Oswin Appollis (Polokwane City), Patrick Maswanganyi, Relebohile Mofokeng, Mohau Nkotha (bonke bakwiPirates), Ashley Cupido (Stellenbosch), Tshepang Moremi (AmaZulu), Sinoxolo Kwayiba (Chippa United)