Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ubekulindele ukuthi uRelebohole Mofokeng abe ngaphansi kwengcindezi kule sizini ngoba ungomunye wabadlali ababalulekile kwi-Orlando Pirates futhi usewumdlali ohlale ebukwa amaqembu aphesheya.

UMofokeng uvalele amagoli amabili ngempelasonto edlule iPirates ishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 koweBetway Premiership

Bese kunamasonto agcine ukubasela inethi nokho futhi ubebukeka ehleliwe wumgqigqo ngaphambi komdlalo wabo neSundowns, kangangokuba kukhona abanye ababuze ngokufakwa kwakhe esikwatini.

UBroos uthi ubeyilindele ingcindezi angaphansi kwayo uMofokeng.

“Bengazi kuzokwenzeka lokhu. Kuningi okwenzeka empilweni kaRele njengamanje,” kuchaza uBroos.

“Kunamaqembu amfunayo, kuningi osekushiwo ngalokho, unengcindezi. Ezinyangeni eziwu-8 ezedlule ubengaziwa kangaka. Ukudlalela iqembu elikhulu kwiPirates sekumenze umdlali omuhle kakhulu.

“Wonke umuntu uselindele okukhulu kuyena, kodwa usameninyaka ewu-20, usadlalela iqembu elikhulu njengePirates unyaka owodwa.

“Uyabona ukuthi mkhulu umthwalo osemahlombe akhona ngoba wehlile kancane ezingeni lakhe kodwa ngizohlale ngimeseka, kodwa kumele adlule kulento.”

UBroos ubeka kanjena nje nowayengumdlali weKaizer Chiefs uJunior Khanye wake wayisola iPirates ngokuthembela kakhulu kuMofokeng ekubeni esayintwana. Wakhala ngokuthi abadlali ‘abadala’ beBucs bayacasha uma izinto zingahambi kahle enkundleni, kuze kudingeke ukuthi uMofokeng noma uPatrick Maswanganyi benze okuthile ukuze baphaphamise iqembu.