Isekela kubaqeqeshi beMamelodi Sundowns uSteve Komphela usola ngokuzwela kwamazwi kaHugo Broos ogxeke izinga lePremier Soccer League (PSL) kulelisonto.

UBroos ubevika ukushaywa iMorocco, wathi bekufanele bashaye ngoba izimbangi zabo zinesikwati esiqinile esibophe ngabadlali abagijima e-Europe.

“Asikhulume iqiniso, inkinga yeNingizimu Afrika ukuthi izinga lePSL liphansi kakhulu. Asikwazi ukukhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uBroos obekhuluma eSAFA House.

Lamazwi kaBroos ahlale kabi kwabanye abaqeqeshi nabadlali baseMzansi.

Umgadli weMamelodi Sundowns uKermit Erasmus uyena oqale ukuphendula, wabuza ukuthi kungani iSAFA isagcine umqeqeshi ongakholelwa kubadlali bakuleli.

NoKomphela ubeke olwakhe uvo ngoBroos, wathi bekufanele ahloniphise uma ekhuluma, angenzi sengathi wehla esihlahleni.

“Abaqeqeshi bamaqembu esizwe kunendlela okufanele bakhulume ngayo ngoba balalelwa yizwe lonkana. Ngiyaqala ukubona umqeqeshi okhuluma ngokudelela kanje.

Ngisebenze nabaqeqeshi abaningi abasezingeni, bayakwazi ukuqoqa ulimi uma bekhuluma. Akwenzeki bathuke abantu basezweni kanje.

Ngicela kuhlonishwa izwe lethu. Angeke kukhulunywe nathi sengathi siyizichwensi noma iziboshwa. Asizona izinhlanya thina. Siyizwe elidinga ukuhlonishwa umqeqeshi weBafana,” kubhala uKomphela kuTwitter.