Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukhale ngezinga lePremier Soccer League (PSL), wathi lokho kungezinye zezizathu ezidala ukuthi iqembu lesizwe lihluleke ukumelana namanye amaqembu as e-Afrika.

UBroos ubekhuluma nabezindaba okokuqala selokhu iBafana ibuye eMorocco. IBafana ishaywe ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela i-AFCON 2023.

Lomqeqeshi ukubeke obala ukuthi izinga lePSL likhiqiza abadlali ababozayo, abahluleka ukudlala emidlalweni enegcindezi enkulu.

“Sekuyisikhathi sokukhuluma amaqiniso. Inkinga yeNingizimu Afrika ukuthi ayikwazi ukukhiqiza abadlali abasezingeni. A Sinabo abadlali abasezingeni leGhana, France neMorocco, okungamaqembu esidlale nawo emidlalweni emithathu eyedlule.

Iningi labadlali neGhana badlala e-Europe. Angeke ngikuchazele ngabadlali a agcwele esikwatini seFrance. Abadlali beFrance bayizethenjwa emaqenjini abo.

IMorocco nayo inabadlali abagcwele e-Europe. Uyedwa go umdlali weMorocco obeseqenjini elinqobe iCAF Champions League iWydad Casablanca, nakhona unozinti. Abanye abadlali abayazi iChampions League. Lokho kucacisa izinga labo,” kusho uBroos.

UBroos uthi ukuqina kwezikwati zase-Afrika yikhona okudlisela iNingizimu Afrika ogageni.

“Bonke abadlali beMorocco bagijima e-Europe. Abanye badlala kwiFiorentina, Sevilla nePSG. Thina asinabo abadlali abagijima e-Europe. Sincoma ukuphumelela kweSundowns nePirates kwimiqhudelwano yeCAF. ISundowns yahluleka kuma-quarterfinals, iPirates yahluleka kowamanqamu. Kwawina amaqembu aseMorocco iWydad neRS Berkane.

Izinga leMorocco liphezulu kakhulu, bekungekho ngisho umdlali oyedwa othathwe emaqenjini anqobe imiqhudelwano yeCAF. Unozinti kuphela oqokiwe. Asikhukume nenkinga ebhekene neNingizimu Africa. Inkinga ukuthi izinga lePSL liphansi kakhulu, siyahluleka ukukhiqiza abadlali abasezingeni,” kubeka uBroos.