Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uncome abadlali bakhe ngokukwazi ukubekezela ngesikhathi befuna igoli emdlalweni wabo neLesotho athi ibizama ukuvika induku nje kuphela.
IBafana Bafana igcine inqobe ngo 2-0 izolo ngemuva kwesiwombe sokuqala esiphele ngo 0-0. Igoli lokuqala livalelwe wumdlali we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng, elesibili lavalelwa wuJayden Adams weMamelodi Sundowns.
Ukunqoba kweBafana izolo kuyibeke esicongweni kuGroup C kumaFIFA World Cup Qualifiers. Ishiya iBenin ezobhekana nayo ngoLwesibili ngamaphuzu amabili.
“NangoLwesibili sizobhekana nomdlalo onzima; sizozama ukuphumuza abanye abadlali, njengoTeboho; usedlale yonke imidlalo kwiSundowns kule sizini,” kusho uBroos ngemuva komdlalo obusePeter Mokaba Stadium, eLimpopo.
“Sizomphumuza kancane nabanye abadlali siqinisekise ukuthi ukulungele ukudlala ngoLwesibili. Bekubalulekile ukuthi siqoqe amaphuzu amathathu namhlanje ngoba besazi sibhekene nomdlalo onzima.
“Besidlala neqembu ebelizama ukugwema induku nje kuphela. Sithole amathuba amane amahle esiwombeni sokuqala, sangakora. Silungise izinto ezimbalwa, sawuqala kahle umdlalo esiwombeni sesibili sibafaka ngaphansi kwengcindezi.
“Uma sesikore igoli lokuqala sisuke sesidlulile ebunzimeni. Kusithathe isikhathi kodwa into ebalulekile ukunqoba.”
IBafana izobhekana neBenin e-Ivory Coast ngoLwesibili njengoba lelizwe linganayo inkundla esezingeni eliphasiswa yiFIFA.