Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ugxeke uYusuf Maart noSiphephelo Sithole ngokuhluleka ukuvimba igoli lesibili leMorocco emdlalweni wokuhlungela i-AFCON 2023 ngoLwesine.
IMorocco inqobe ngo 2-1 kulomdlalo obubanjelwe eRabat, yize kuyiwe ekhefini ilandela ngemuva ngegoli elishaywe uLyle Foster weBafana.
Amagoli e-Atlas Lions ashaywe uYousef En-Nesyri no-Ayoub El Kaabi.
Sekuphele umdlalo, uBroos uthe akaphoxekile kakhulu ngokuzimisela kwabadlali yize kumcasulile ukuphunyukwa iqatha emlonyeni ngoba bashaye igoli kuqala.
UBroos usole uMaart ngokulahla ibhola kalula, yahlasela lapho iMorocco ibhola lafika ku-El Kaabi oshaye igoli lesibili.
“Besilinde ukuthi ibhola liphume ngaphandle kodwa bekungenzeki. Sivele zalahla ibhola kalula, kwalandela igoli leMorocco ngokushesha,” kusho uBroos ecashunwa i-website yeBafana.
UBroos uphinde wasola uSithole obehlushwa ukulimala emdlalweni. USithole ubelimele engaphandle ngesikhathi kungena igoli lesibili leMorocco.
“Ngimbuzile zisekhefini ukuthi ungumqemane yini. Uphendule wathi akanankinga, uzodlala. Nami ngiqhubekile nokumdlalisa. Izinto zishintshe ngokushesha, sekunenkinga elimele. Besingeke sishintshe ngokushesha. Singenelwe igoli singaphelele enkundleni,” kubeka uBroos.
IBafana ihlalelwe ijoka lokunqoba imidlalo emibili elandelayo ezoyidlala neLiberia ukuze izozibekisela ngendawo kwi-AFCON 2023 e-Ivory Coast.