Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi kuthikameze izinhlelo zakhe ‘ukufihlelwa’ ngokulimala kukaPatrick ‘Tito’ Maswanganyi okudingeke ukuthi abize umdlali ozovala isikhala sakhe izolo.

UBroos uzwakalise ukungenami nge-Orlando Pirates, eyisola ngokungaxhumani naye ngesikhathi ngokulimala kwalo mdlali, kanti futhi akaneme ngokungatshelwa kukadokotela weqembu ukuthi ulimele kuphi uTito.

“Wonke umuntu ubazi uPatrick useqenjini lesizwe. Bengizitshela ukuthi [ngemuva kokumemezela isikwati] bazongithinta bethu ‘buka, uMaswanganyi ulimele futhi ngeke adlale kusasa [ngeSonto]. Ngeke akwazi ukujoyina ikhempu.”

“Lokho bekuzonginikeza isikhathi esengeziwe sokuthi ngibheke omunye umdlali.”

UBroos ugcine ebize umdlali wePolokwane City uRodney Maphangule.

“Ngenhlanhla uhlala la ePolokwane. Awucabange nje ukube bekuwumdlali weChippa noma welinye iqembu. Ubezofika la kusasa [ngoLwesibili].”

“Bekufanele basazise kusanesikhathi. Ngifonele ocingweni, noma fonela udokotela weqembu…kuze kwashaya u-8 ebusuku ngeSonto kwayima besitshela ukuthi uPatrick ulimele.”

IBafana izobhekana neLesotho kowokuhlungela iFIFA World Cup ngoLwesihlanu ePeter Mokaba Stadium ngo-18:00.