Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ukugxekwa kuyingxenye yomsebenzi wakhe kodwa ubengalindele ukukhulunywa kabi uPitso Mosimane.

UBroos ubeke kanje ekhulum nabezindaba eSAFA House ngoLwesibili. Iqembu lakhe litheleke eNingizimu Afrika ngoMsombuluko ngemuva kokuhlulwa iMorocco ngo 2-1 kowokuhlungela i-AFCON 2023.

UBroos uthathe isikhathi sakhe waphendula inkulumo kaPitso.

“Angimangali ukuthi kuzoba khona abantu abagxeka iqembu, nami uqobo njengomqeqeshi. Umqeqeshi uyena okhonjwayo uma kugqoza imiphumela.

Sekusele izinsuku ezine sidlale neMorocco, uPitso Mosimane ungigxekile ekhuluma ngento eyenzeka ngoSepthemba. Lokho kungithusile.

Ungigxeke ngoba asithumelanga umbiko ngokulimala kukaPercy Tau. Angifuni ukukhuluma kakhulu, ungigxekile. Ngiyamhlonipha kakhulu uPitso ngempumelelo yakhe kwi-Ahly ezinyangeni ezedlule, kodwa ngiphoxekile ngenkulumo yakhe abeyibhekise kimi.

Angiqondi ukuthi umgxeka kanjani umlingani wakho esikhathini esibucayi njengalesi esibhekene neBafana. Ngiphoxekile kakhulu kuPitso,” kubeka uBroos.