Umqeqeshib weBafana Bafana uHugo Broos ubongele iSA U20 ngokuqopha umlando inqoba i-U20 Africa Cup of Nations e-Egypt, waveza nokuthi ubeyibuka yonke imidlalo yaMajita.
Amajita azifake emlandweni webhola lakuleli nase-Africa eshaya iMorocco ngo 1-0 kowamanqamu ngempelasonto edlule.
“Okokuqala, ngicela ukubongela umqeqeshi uRaymond ngomsebenzi oncomekayo awenze kulo mqhudelwano emasontweni amathathu edluke, bekukuhle ukuwubona,” kusho uBroos.
“Ngibuke wonke umdlalo, kufanele ngincome umqeqeshi kuqala ngendlela agqugquzele ngayo iqembu. Bebedlala ngokukhulu ukuzethemba futhi bekubonakala bafuna ukuqeda phezulu.
“Ngimshayela ihlombe ngamaqhinga abewasebenzisa nangokuqina kokhakhayi engikubone enkundleni. Wenze umsebenzi omuhle kakhulu uletha lesi sicoco eNingizimu Afrika.
UBroos uqhube wabongela abadlali waveza ukuthi ukunqoba kusayisiqalo. Uthi umsebenzi obahlalele manje owokuqinisekisa ukuthi abasuki esicongweni ebholeni lase-Africa.
Amajita azodlala kwi-U20 FIFA World Cup eChile ngoSeptember nonyaka. Kungenzeka aphinde ahlangane neMorocco kulo mqhudelwano uma omabili amazwe efinyelela esigabeni somkhumulajezi.